Share

Uzobe enetwetwe ozovala esikaKhune - Meyiwa

Johannesburg – Unozinti we-Orlandio Pirates uSenzo Meyiwa uthe noma ngabe yimuphi unozinti ozobe evale isikhala sika-Itumeleng Khune kowamanqamu e-MTN8 uzobe egcwele amanzi emadolweni.

Ngokubika kwe-KickOff uMeyiwa ukubeke kwacaca ukuthi ozovala isikhala sikaKhune uzobe esaba ukudlala phambi kwezinkulungwane zabantu kulo mdlalo ozoba seMoses Mabhida eThekwini ngoMgqibelo.

Njengoba uKhune elimele uStuart Baxter usalelwe wumsebenzi omkhulu wokuthatha isinqumo sokuthi uzosebenzisa muphi unozinti phakathi kukaBrilliant Khuzwayo noReyaad Pieterse abangajwayele ukudlala.

OLUNYE UDABA: Usekhonjwa komunye uSenzo Meyiwa

UMeyiwa kuthiwa uthe ukholelwa wukuthi njengoba uKhune engeke adlale ngenxa yoklimala eqakaleni iBhakabhaka lingazenzela umathanda kulabo nozinti.

“Noma ngabe wubani ozonikezwa ijezi lokuba semapalini ngoMgqibelo uzobe egcwele ukwesaba.

Lokhu ngiyakwazi ngoba akulula ukubhekana ne-Pirates, yingakho kuzomele sisebenzise lokhu ukuze sowunqobe lo mdlalo,” kusho uMeyiwa enanela ngokuthi bazolikhahelela ipali ngeke balidlalise.

UMeyiwa uyamazi uPeiterese ngoba uke waziqeqesha namabhakabhaka phambilini.


   - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

    - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 344 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 354 votes
Vote
Rand - Dollar
19.21
-0.1%
Rand - Pound
23.80
-0.4%
Rand - Euro
20.49
-0.2%
Rand - Aus dollar
12.39
-0.1%
Rand - Yen
0.12
-0.1%
Platinum
913.50
-1.9%
Palladium
1,006.00
-0.9%
Gold
2,313.04
-0.6%
Silver
27.06
-0.5%
Brent Crude
87.00
-0.3%
Top 40
67,804
+0.5%
All Share
73,743
+0.3%
Resource 10
59,167
-2.9%
Industrial 25
102,626
+1.6%
Financial 15
15,835
+1.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE