Share

Uzokwandulelwa yikhonsathi owe-TKO

Johannesburg – Uzokwandulelwa yindumezulu yekhonsathi umdlalo wamanqamu weTelkom Knockout phakathi kweSuperSport United nePlatinum eGoli ngoMgqibelo.

Ngokubika kwe-KickOff le khonsathi izobe ibophele izinkakha zabaculi noDJ okubalwa kubo uVincent Bones osanda kuhlabana emncintiswaneni wamaSA Idols, HHP, Pro, Chomee noGlen Lewis njengoba izoqala ngo-12:00 emini bebade.

Umdlalo wamanqamu kulindeleke ukuba uqale ngo-03:00 ntambama kanti amasango azovulwa ngo-11:00 ekuseni.  

IPSL inxusa abalandeli ukuthi basheshe bafike enkundleni ukuze bakwazi ukuzithokozisa ngomculo nangeminye imititilizo ezobe ikhona yokujabulisa abantu kanti kuzobuye nendawo yokujabulisa ngeziphuzo e-Orlando Stadium futhi abalandeli bazoba nehora lokujabula.

OLUNYE UDABA: Kumele siyinqobe i-TKO - September

Isikhulu esiphezulu sePremier Soccer League uBrand de Villiers uthe basebenze kanzima ukuhlangani okuzokwenzeka ngoMgqibelo njengoba befuna kube wusuku lomndeni.

Uveze ukuthi abalandeli bokuqala abangu-2000 bazothola izigqoko zeTelkom Knockout kanti kuzobuye kube nemiklomelo ngaphakathi lapho abalandeli bangazihlomulela ngemiklomelo eyahlukene okubalwa i-DSTV Walker, DSTV Explorer nomakhalekhukhwini abasezingeni eliphezulu.

Amathikithi abiza phakathi kukaR40 noR80 bese kuthi azingane ezingaphansi kweminyaka engu12 abize uR10 njengoba etholakala eComputickets ezweni lonke.

    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
64% - 202 votes
No! It's time to move on ...
36% - 113 votes
Vote
Rand - Dollar
19.02
+1.0%
Rand - Pound
23.79
+0.7%
Rand - Euro
20.39
+0.8%
Rand - Aus dollar
12.41
+0.6%
Rand - Yen
0.12
+1.2%
Platinum
914.20
+0.2%
Palladium
1,006.00
+0.1%
Gold
2,327.26
+0.5%
Silver
27.37
+0.8%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,408
-0.2%
All Share
74,361
-0.2%
Resource 10
61,578
+1.9%
Industrial 25
102,917
-1.1%
Financial 15
15,809
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE