U‘Sox’ uphothule isivumelwano sokuthi aye kuPlatinum Stars njengoba uTshepo Gumede noSiyabonga Mpontshane beya eParktown.
Omele uSegolela kweziphathelene nomsebenzi, uTim Sukazi, uthe konke kwacaca ngesikhathi lo mdlali eshaywa ngesithende esikwatini sabadlali abangu-25 abazodlala kowe-CAF.
OLUNYE UDABA: U-Iron Duke ubonge uSegolela
“Sijabule ngokuthi sigcine sesitholele uTlou Segolela ikhaya elisha,” kusho uSukazi etshela iKickOff.com.
“Ubeseqala ukukhathazeka kuPirates – hhayi yena kuphela, ngisho nabalandeli beBhakabhaka.
“Ukungafakwa kwakhe esikwatini se-CAF yikho okwacacisa izinto.”
USukazi uthi unethemba lokuthi lo mdlali, 26, izovuselela ibhola lakhe la eya khona.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho