U-Igesund uthe njengomqeqeshi, nguwe uzifaka ngaphansi kwengcindezi yokufuna ukunqoba izinkomishi nalelo qembu osuke unalo, hhayi ngoba usuke ubekelwe imigomo, kubika iKickOff.com.
“Kuyiphupho lawo wonke umqeqeshi ukunqoba,” kuqhuba u-Igesund.
OLUNYE UDABA: Kumele siwe sivuka neBafana – Igesund
“Kuyingcindezi esizifakela yona thina njengabaqeqeshi.
“Ebholeni lanamhlanje, le ndaba yemigomo yenziwa ihaba kakhulu. Ngicabanga ukuthi abaqeqeshi, uma beqashwa, bakwazi kahle okulindelekile kubo,” enaba.
Ekhuluma ngomdlalo weTelkom Knockout ezakhe ezizowudlala neBidvest Wits ngoMgqibelo, uthe iqembu lakhe selimi ngomumo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho