Johannesburg – Inkakha yebhola likanobhutshuzwayo kuleli uJohn Moeti ithe ikholelwa ekutheni yisikhathi esifanale lesi sokuthi iBafana Bafana ibukise ngeNigeria njengoba isabhekene nezinkinga ebholeni.
INigeria isanda kubhaxabulwa yi-Uganda ngegoli elilodwa eqandeni.
IBafana izobhekana neNigeria ngeSonto isanda kubuya emdlalweni wayo neSwaziland lapho inqobe khona ngamagoli amathathu kwelilodwa kowobungani.