Johannesburg - Umdlali weKaizer Chiefs uGeorge Lebese uthi awumkhulu umehluko phakati kukaSteve Komphela noStuart Baxter.
Amakhosi anqoba izicoco ezimbili ngesizini yokugcina kaBasxter, osejoyine iSuperSport United ngemuva kokuhlala kancane eTurkey.
UKomphela usehlulwe emidlalweni yamanqamu emibili, kanti futhi ulandela emuva ngamaphuzu ayishumi iMamelodi Sundowns esesicongweni seligi.
Funda nalolu daba: Ayikaphumi ngokusemthethweni i-Ajax koweCAF
Kodwa noma kunjalo ,uLebese ukholelwa ukuthi laba baqeqeshi bayafana, ngaphandle nje kokuthi uKomphela uyabakhulula kakhulu abadlali, kubika iKickOff.
ULebese uthi uKomphela abadlali uyabavumela ukuba baligcine ibhola, badlale ngendlela abazizwa ngayo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.