Johannesburg - Iqembu le-Ajax Cape Town selihoxile emqhudelwaneni we-African Confederation Cup likhala ngokuthi ngeke likwazi ukuqinisekisa ukuphepha kwabadlali uma sebeya e-Angola.
I-Ajax bekulindeleke ibhekane neSagrada Esperanca eDundo ngoFebhuwari 13, kodwa iqembu ebebezobhakana nalo alibazisaga ngezinhlelo zokuhamba.
Funda nalolu daba: UTinkler ufuna ezakhe zidlale njengokuba zenza kowomkhaya
Lokho akubeki nje kuphela abadlali engozini, kodwa ngeke futhi iqembu libanikeze umshwalense.
“I-Ajax Cape Town iphoqelekile ukuba ihoxe emqhudelwaneni weCAF Confederation Cup,” kusho iqembu esitatimendeni ngoLwesihlanu.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.