Johannesburg - Iqembu leBloemfontein Celtic lenqabileukuqinisekisa noma liphike ukuthi izindaba ezithi wesuleile kwesokuqeqesha uClinton Larsen.
Amahlebezi asesabalele ezinkundleni zokuxhumana athi lo mqeqeshi wesulile kuleli qembu kulandela ukushaywa kwalo ngo-2-0 yiMpumalanga Aces.
Funda nalolu daba: Sesikhathele ama-draw - Komphela
IKickOff.com ithi ixhumane nesikhulu esiphezulu seCeltic, uKhumbulani Konco, ukuba aphawule ngamahlbezi kodwa wenqaba ukucacisa, kunalokho wathi: “Okwamanje sisemhlanganweni sikhuluma ngendlela elidlala ngayo iqembu sinoClinton Larsen, kanjalo nethimba labaqeqeshi.”
ICeltic okwamanje isendaweni yesithupha kwiligi, kanti isele ngamaphuzu ayishumi kwiBidvest Wits eqhwakele esicongweni.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.