Johannesburg - Iqembu le-Ajax Cape Town selizodlala emqhudelwaneni weCAF Confederation Cup ka-2016 nakuba phambilini beselizwakalise ukuthi liyahoxa.
I-Urban Warriors ngeleldule imemezele ukuthi iyahoxa kulo mqhudelwano, ikhala ngokuphepha kwabadlali nangobunzima bokuhambela ezweni lase-Angola.
Kodwa iSafa ibingeneme ngokuhoxa kwaleli qembu, yabamba umdlangano ukudingida lolu daba.
Manje sekuqinisekiswe ukuthi i-Ajax yalelwe ukuba ihoxe, ngakho leli qembu lizoya e-Angola ngempelasonto.
Funda nalolu daba: 'IWits ifake iChiefs ekilasini'
“I-Ajax izodlala koweCAF,” kusho umthombo okhulume neKickOff.com.
“Izikhulu zase-Angola zizophothula imininingwane neqembu maduzane, kodwa i-Ajax izohamba ngempelasonto.”
I-Ajax izobhekana ne-Esperança eLunda Norte ngoMgqibelo ntambama.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.