Share

‘I-Soweto Derby ayifani neminye imidlalo ye-PSL’

Cape Town – Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uThabo Rakhale, uyavuma ukuthi ukushaya kwabo iGolden Arrows kumqhudelwano we-Telkom Knockout umuthi ebebewudinga njengoba bebheke emdlalweni we-Soweto Derby ngoMgqibelo.

AMabhakabhaka adlulele emzuliswaneni olandelayo kulandela ukushaya i-Arrows ngo-2-1 ngegoli lika-Mpho Makola kanye nelika-Luvuyo Memela.

Lo mphumela usho ukushintsha kwezinto kuleli qembu njengoba bese lidlale imidlalo emithathu ilandelana lidlala ngokulingana, yize noma lingakashaywa emdlalweni ye-Absa Premiership kule sizini.

OLUNYE UDABA: Uchitha eyokuziphilisa nge-car wash obekwi-Pirates

URakhale uthi lokhu kunqoba kufike ngesikhathi esifanele ngaphambi komdlalo nezimbangi ezinkulu ezingomkhaya, iKaizer Chiefs.

“Ukunqoba yinto ebesiyilwela emdlalweni we-Arrows, futhi besazi ukuthi i-Arrows izosinika umdlalo onzima, futhi bakwenzile,” lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala utshele iVodacom Soccer.

“Emva kokudlala ngokulingana imidlalo emithathu ilandelana yeligi, ukuwina yinto ebesiyidinga, futhi sekunyuse umdlandla kuthina ngaphambi kwe-Soweto Derby ezayo.

“Vele iSoweto Derby ayifani nje nanoma yimuphi umdlalo we-PSL kubadlali beChiefs nePirates, kanye nabalandeli,” kuqhuba uRakhale. 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Are you among the many South Africans who've added more tinned fish to their grocery baskets?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, pilchards is the new chicken
41% - 402 votes
No, I can't stand canned foods
59% - 589 votes
Vote
Rand - Dollar
18.65
-0.7%
Rand - Pound
23.27
-0.5%
Rand - Euro
20.04
-0.6%
Rand - Aus dollar
12.23
-0.1%
Rand - Yen
0.12
-0.1%
Platinum
966.30
-1.3%
Palladium
952.57
-2.2%
Gold
2,315.07
+0.1%
Silver
27.28
+0.1%
Brent Crude
83.16
-0.2%
Top 40
70,646
-0.2%
All Share
76,840
-0.1%
Resource 10
60,340
-1.1%
Industrial 25
107,384
+0.2%
Financial 15
16,723
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE