Johannesburg - Imibiko yakamuva ithi iMamelodi Sundowns izimisele ngokusayinisa abadlali ababili beZamalek ukuqinisa iqembu njengoba izilungiselela imidlalo yeFIFA Club World Cub ezoba ngoDisemba.
“Umdlalo ubunzima kakhulu futhi bekucacile ukuthi iZamalek izogadla ngakho konke enakho, ikakhulukazi uStanley [Ohawuchi] obeyingozi kakhulu, ocishe wafaka igoli ngokushesha. Kudingeke singatatazeli ngemizuzu engu-15 yokuqala, ngaphambi kokuba sifune ukudlala ibhola ngendlela esiyijwayele,” kusho uMosimane, ngokusho kweKing Fut.
Funda nalolu daba: "ISoweto Derby ayifani neminye imidlalo ye-PSL"
“Kungijabulise kakhulu uthola ukuthi [uMahmoud] Shikabala ngeke awuqale umdlalo, ngoba ungumdlali osezingeni eliphezulu. Besingachithi isikhathi ngonozinti wethu ubelimele ngempela,” kusho uMosimane.
“UMostafa Fathi ubeyingozi kakhulu. Nginethemba lokuthi uzosijoyina ngaphambi kweFIFA Club World Cup. (Sizimisele nango) Mohamed Ibrahim futhi. Sinethemba lokuthi naye uzosijoyina ngaphambi kweClub World Cup.”
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.