Johannesburg - Umgadli we-Orlando Pirates, uHelder Pelembe, angase angabuyeli kuleli qembu uma inkontileka yakhe isiphelile ekupheleni kwesizini.
Izingxoxo phakathi kwalo mdlali waseMozambique neqembu laseMayfair azikaqali, kanti umthombo osondelene naleli qembu uthi iPirates ayijahile ukuvuselela inkontileka yalo mdlali.
UPelembe ubolekiswe kwiSiwelele ekuqaleni kwesizini ka-2015/16, kanti ngemuva kokuthola ijezi kuleli qembu, iCeltic izame ukuba imsayinise ngokugcwele.
Funda nalolu daba: Besibaxwayisile kodwa abadlali - Tinkler
Nokho lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala muva nje izinto sezijikile njengoba engasavamile ukuthola iqembu kuleli qembu laseFree State.
Umthombo osondelene neBhakabhaka uthi mancane amathuba okuba abuye lo mdlali okwamanje, kubika iKickOff.com.
“Azikho izingxoxo esezike zabanjwa noPelembe mayelana nenkontileka yakhe entsha futhi akubukeki sengathi zizobanjwa, kodwa asilinde sibone,”kusho umthombo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.