Share

'IPirates iyeke okuningi ukuze ifinyele lapha'

Johannesburg - Umdlali wasemuva we-Orlando Pirates, uLucky Lekgwathi, uyavuma ukuthi iBhakabhaka kumele nakanjani linqobe oweCAF Confederation Cup ngoba libeke eceleni okuningi ukuze lifinyelele lapha.

IBhakabhaka lidlale ngokulingana ngo-1-1 ngesikhathi libhekene ne-Etoile du Sahel emelenzeni wokuqala obubanjelwe eSoweto.

Ngenxa yokuthi ishaye igoli ekuhambeni, i-Etoile izoya kulo mdlalo womlenze wesibili isethubeni elihle lokuwunqoba.

Funda nalolu daba: Umqeqeshi ubambe umoya ngomdlali

'UPhinda Mzala' uzwakalise ukuthi kubalulekile ukuba iBhakabhaka liphumelele ngeSonto ngenxa yokuthi kuningi okudingeke bangakunaki kakhulu ukuze babhekane ngqo nalo mqhudelwano.

“Siyeke okuningi njengeqembu ukuze sibhekane neConfederation Cup – uma ubheka indawo esikuyona kwiligi njengamanje uzoyibona into engikhuluma ngayo,” kusho uLekgwathi kwiSoccer Laduma.

“Kuzomele siphethe ngokuthi siyinqobe le nkomishi ngoba ngeke phela sisebenze ngokuzikhandla ngento engekho. Ukuqeda endaweni yesibili kuzokwenza kungabonakali konke esikwenzile ukuze sifinyelele lapha.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 874 votes
No! It's time to move on ...
33% - 430 votes
Vote
Rand - Dollar
18.80
+1.1%
Rand - Pound
23.51
+1.2%
Rand - Euro
20.18
+1.1%
Rand - Aus dollar
12.31
+0.7%
Rand - Yen
0.12
+1.9%
Platinum
925.80
+0.0%
Palladium
984.50
-0.6%
Gold
2,348.29
+0.7%
Silver
27.59
+0.6%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,301
+1.3%
All Share
75,260
+1.3%
Resource 10
63,185
+1.7%
Industrial 25
103,614
+1.1%
Financial 15
15,990
+1.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE