Share

‘IPirates kumele imdedele u-Eric Tinkler’

Johannesburg – Lowo owayengumgadli we-Orlando Pirates, u-Andries Sebola, uthe kumele iziphathimandla zeqembu zibheke ekutheni zixoshe umqeqeshi u-Eric Tinkler kulandela ukuhlulwa kowe-CAF Confederation Cup ngeSonto.

AmaBhakabhaka ashaywe ngo 1-0 yi-Etoile du Sahel emlenzeni wesibili, kanti u‘Local is Lekker’ uthi sesiphelile isikhathi sikaTinkler kuleli qembu.

“Sekuyisikhathi soguquko, lowo ngumbono wami,” esho etshela iKickOff.com.


“Angikusho lokhu ngoba ehlulwe koweConfederation Cup, kepha uma sibuyela emaqinisweni nje iPirates ayenzi kahle ngisho ekhaya. Bakhishwa yi-Ajax kowe-MTN8, iChiefs yabaphinda koweTelkom Knockout.

OLUNYE UDABA: I-CAF inqabe isicelo se-Orlando Pirates

“Kuhlezi kunemibuzo equbukayo njalo uma ekhetha isikwati. Uma ngenza isibonelo nje, ngeSonto waqala ngoGift Motupa ongakaze aqale umdlalo kuPirates. Lo mfana unethalente, kepha kwalilimaza iqembu ukuqala kwakhe umdlalo.

“Kwakumele aqalise uLehlohonolo Masalesa no-Issa Sarr ukuze abadlali abafana noMpho Makola bezokwazi ukuya phambili kakhulu.

“Ngicabanga ukuthi maningi amaphutha enziwa uTinkler, alilimazayo iqembu,” kusho uSebola.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
48% - 1025 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
52% - 1089 votes
Vote
Rand - Dollar
19.21
-0.5%
Rand - Pound
23.95
-0.7%
Rand - Euro
20.56
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.48
-0.7%
Rand - Yen
0.12
-0.2%
Platinum
912.40
-0.8%
Palladium
1,005.00
-2.1%
Gold
2,314.58
-0.3%
Silver
27.17
-0.5%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,574
+0.8%
All Share
74,514
+0.7%
Resource 10
60,444
+1.4%
Industrial 25
104,013
+1.2%
Financial 15
15,837
-0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE