Johannesburg – Lowo obengumgadli we-Orlando Pirates, uKermit Erasmus, kubikwa ukuthi amaBhakabhaka amdayise ngo-R9 million eya eqenjini laseFrance, iStade Rennais.
Ngokusho kwemithombo yeSiya crew, lo mdlali, 25, udedelwe ngale mali ngesikhathi eshiya kungazelele muntu ngoJanuwari.
OLUNYE UDABA: UKermit Erasmus uthi basenalo ithemba ngesicoco seligi
AbaseMayfair neStade Rennes bakuqinisekisa ukuhamba kuka-Erasmus aye eFrance kepha banqaba ukudalula imininingwane yezimali.
Kodwa-ke kuyavela ukuthi ukuhamba kuka-Erasmus kwenzeka ngemuva kokushintshisana ngemali kwala maqembu, ngoba lo mdlali wayesanenkontileka nePirates ngesikhathi ehamba.
Imithombo yezindaba yaphesheya yaveza ukuthi lo mdlali wathengwa ngemali ecela ku-R11.7 million.