Johannesburg – Umqeqeshi weBidvest Wits uGavin Hunt uthi ezakhe zifundise iKaizer Chiefs ibhola, wathi ujabhile ngoba abafana bakhe babuye beshwiba izandla kulo mdlalo.
IWits ihlulwe ngo 1-0 yiChiefs ngoLwesibili ebusuku, kepha lo mqeqeshi umile kwelokuthi ezakhe beziwuphethe umdlalo, kubika iKickOff.com.
UHunt ukholelwa ekutheni iWits bekumele inikezwe i-penalty ngemuva kokudlaliswa kabi kukaPhakamani Mahlambi ngomzuzu ka-56.
OLUNYE UDABA: Angiyiboni iChiefs iphucwa iqatha emlonyeni - Hunt
"Bekushayisa ngamahloni ngoba sidlale kahle kakhulu kunabo, phezulu kwalokho sancishwa i-penalty.
"Yize noma sidlale kahle, kepha iChiefs yiyo ehambe namaphuzu amathathu, siyayibongela. Okusalayo ukuthi iWits bekufana nokuthi idlala yodwa. Abadlali bami bangihlabe umxhwele.”