Durban - Sezimenyezelwe izinkundla kanye nezinsuku lapho kuzodlalelwa khona owamanqamu we-CAF Champions League.
Le midlalo izobe iphakathi kwamaqembu iMamedoli Sundowns kanye neZamalek.
OLUNYE UDABA:I-CAF inqabe isicelo se-Orlando Pirates
Ngokwekhasi leSundowns ku-twitter umdlalo wokuqala uzobe ukuleli lapho iZamalek izovakashela iSundowns ngmhlaka 14, umlenze wokugcina ube seGibhithe ngomhlaka 21 kuMfumfu.
AmaSandawana adlala naleli qembu ngemizuliswano yokuqala. Umqeqeshi uPitso Mosimane uthi babheke ukuwina yomibili imidlalo, kubika iSoccer Laduma.
The CAF Champions League Final first leg will see @Masandawana hosting @ZSCOfficial in SA on the 14th October #CAFCL pic.twitter.com/6bQxIk4Odp
— CAF (@CAF_Online) September 25, 2016