Cape Town – Umgadli we-Orlando Pirates uKermit Erasmus uthi uma kubukwa okwenziwa yisikwati sika-1995 kulo mncintiswano, isikwati samanje asikho ngaphansi kwengcindezi.
AmaBhakabhaka adlala ngo 1-1 ne-Etoile du Sahel emlenzeni wokuqala wamanqamu e-CAF Confederation Cup e-Orlando Stadium.
Eminyakeni engu-20 eyedlule kowe-CAF Champions League, iPirates yadlala ngo 2-2 ne-ASEC Abidjan ekhaya, kepha yaya e-Ivory Coast yakwazi ukushaya leli qembu ngo 1-0 yase ithatha isicoco.
OLUNYE UDABA: UMakola akasalali ephupha ngowe-CAF
“Ngesikhathi isikwati sika-1995 siya e-Abidjan, sasingenelwe amagoli amabili ekhaya, abadlali bakwazi ukuzibamba ziqine bagcine benqobile,” kusho u-Erasmus ku-website yeqembu.
“Lesi sikwati samanje sinabanye babadlali abaphambili kuleli, senze konke ngokuzimisela kulolu hambo lwe-CAF kanti manje akukho esingakulahla.
“Ekumele sikwenze thina ukuthi siye kuleliya lizwe sibuyisele igoli elisingenele,” kusho u-Erasmus.
IPirates neSahel izodlala owamanqamu ngomhlaka-29 Novemba ngo-16:00.