Johannesburg - Umdlali waseswini weKaizer Chiefs uWillard Katsande uthe abantu bengaqale badikibale ngoba iqembu lisazokwenza ezibukwayo.
Lokhu ukusho njengoba Amakhosi ezodlala neMaritzburg United eFNB Stadium ngezithuba zabo-18:00 ngoMgqibelo kowe-Absa Premiership.
Lo mdlali odabuka eZimbabwe odlala ngokuzikhandla uthi iChiefs isazokwenza lukhulu, waphinde wathembisa nokuthi bazodlala ngokuzimisela ukuze bezobuyele phezulu.
OLUNYE UDABA: 'Okwenzeka kwiChiefs kusangenzeka nakwiDowns
"Amathemba aphezulu," kusho uKatsande eNetrurena ngoLwesine.
"Sisanemidlalo engu-13 esimele kanti kusengenzeka noma yini. Kodwa nathi kufanele singalokhu siguquguquka, sesimoshe amaphuzu ngokudlala ngokulingana emdlalweni yakamuva, kubika iDaily Sun.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho