Johannesburg – Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Eric Tinkler useveze ukuthi umdlali wasemuva uSiyabonga Sangweni kungenzeka angadlali isikhathi eside ngenxa yokulimala.
USangweni wagcina ukubonakala enkundleni iPirates idlala kowe-CAF Confederations Cup neqembu laseTunisia i-Etoile du Sahel ngasekupheleni kukaNovemba, ngesikhathi elimala eqakaleni, kubika iKickOff.com.
UTinkler uphinde wachaza ngabanye abadlali abalimele kumaBhakabhaka, wathi iningi labo bazobuya ejokeni kula masonto ezayo.
“URooi Mahamutsa namanje uselapha umsipha, kanti u-Oupa Manyisa yena uzobuya ngo-Ephreli uma ngicabanga,” esho.
OLUNYE UDABA: Orlando Pirates, ngiyabonga kakhulu - Pitso
“UHappy Jele useyabuyela kancane enkundleni, ngiyethemba ukuthi uzobuya ngokugcwele maduze.
UThandani Ntshumayelo uphethwe umkhuhlane, kanti naye kulindeleke abuye noma yingesonto elizayo.
“UThabo Qalinge naye kulindeleke ukuba aqokelwe esikwatini uma sesidlala neFree State Stars.”