Johannesburg - Ukaputeni we-Orlando Pirates u-Oupa Manyisa uthi kuzomele balungise amaphutha aholele ekutheni kuphele isizini bengekho kwi-top 8.
IBhakabhaka izobe ifuna ukuvala isizini inenkomishi ngokushi yehlule iSuperSport United kowamanqamu eNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ebusuku.
OLUNYE UDABA: IChippa ezinhlelweni zokudayisa isihlabani
“Kuzomele silungise amaphutha futhi siyakwazi okwenza izinto zangahamba kahle,” kusho uManyisa.
"Kusidumazile ukuqeda ngaphandle kwe-top 8, kodwa sesikwamukelile ngoba kuyingxenye yebhola.
“Kuzomele silungise amaphutha sibuye sesinzima kakhulu. Njengoba sidlala kowamanqamu eNedbank Cup sinethuba lokudlala kwiCAF Confederation Cup ngonyaka ozayo. Sizolilwela iqembu.”