Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Eric Tinkler uthi uthokozile ngendlela iqembu lakhe elidlale ngalo ngemuva kokushaya i-University of Pretoria ngo 1-0.
AmaBhakabhaka alahle amathuba amaningi aze akwazi ukubhakuzisa inethi ngomzuzu ka-70 ngegoli likaThabo Matlaba, kepha umqeqeshi uthi ujabulile ngakubone enkundleni, kubika iKickOff.com.
"Badlale kahle kakhulu abafana bami. Badlale ngezikhwepha," kusho uTinkler.
OLUNYE UDABA: ‘IPirates kumele imdedele u-Eric Tinkler’
“Ibhola belingakithina isikhathi esiningi, yize besingalidlulisi kahle ibhola ngesiwombe sokuqala.
“Bengazi ukuthi uma siqhubeka ngaleliya giya, sizogcina silitholile igoli nangempela kwaba njalo. Ngibajabulele kakhulu abafana ngokunqoba.
“Kubalulekile ukuthi sithole amaphuzu nokuthi sinqobe imidlalo ilandelana."