Sousse – Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uThandani Ntshumayelo, ngeke abeyingxenye yomdlalo wamanqamu eCAF Confederation Cup elizowudlala ne-Etoile Du Sahel ngemuva kokuthola ikhadi lesibili eliphuzu emlenzeni wokuqala.
IBhakabhaka lizoya kulo mdlalo lifuna ukuqeda isomiso seminyaka engu-19.
Funda nalolu daba: Kwabayimpumelelo ukuhlinzwa kwanozinti edololweni
Ukungabikho kukaNtshumayelo kusho ukuthi indawo yakhe izathathwa u-Issa Sarr noma uLehlohonolo Masalesa enkabeni yesisu.
Umdlalo kulindeleke uqale ngo-16:00 (SA Time).
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.