Johannesburg - Owayengumdlali we-Orlando Pirates, uLucas Tlhomelang, ukholelwa wukuthi iqembu lika-Eric Tinkler mancane kakhulu amathuba okuba lishaye i-Etoile du Sahel emlenzeni wesibili wamanqamu eCAF Confederation Cup.
IBhakabhaka labambana ngo-1-1 naleli qembu laseTunisia emlenzeni wokuqala owawuse-Orlando Stadium on ngoMgqibelo odlule.
Kanti ngokusho kukaTlhomelang, iqembu laseTunisia lingase lisithathe lesi sicoco seConfederation Cup.
OLUNYE UDABA: Ele-PSL alifuni ukuphumela obala ngokushiya komqeqeshi
“Ngawubuka umdlalo ngoMqgibelo, angigculisekanga neze. Laba bafana (be-Etoile du Sahel) basifaka ngaphansi kwengcindezi cishe umdlalo wonke.
“Ngeke sikwazi ukubashayela kubo. Kumele silikhulume iqiniso kwesinye isikhathi.”
“Indlela engibona ngayo, uTinkler akakwazi ukwenza abadlali bavale emuva uma kungama-set pieces,” kusho uTlhomelang.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho