Cape Town - Owayengumdlali we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uThembinkosi Fanteni, usejoyine iSteenberg United edlala kwi-ABC Motsepe League.
UFanteni, 32, wehlulekile ukuthola iqembu elidlala ku-PSL naku-NFD, kumasizini edlule.
UTerror wagcina ukubonakala ku-PSL ngesikhathi esadlalela iBidvest Wits ngesizini ka-2012/13 season.
Funda nalolu daba: Kuyayibhedela iPirates ngabadlali bayo abanohlonze
Lo mdlali wasePaarl uzame inhlanhla kwiChippa United, Maritzburg United, Bloemfontein Celtic, Moroka Swallows nakuMaZulu, kodwa izinto zangahamba kahle.
Umqeqeshi, uMike Lukhubeni, ukuqinisekisile kwiSoccer Laduma ukuthi lo mdlali ujoyine lelei qembu laseMother City.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.