Johannesburg - Kugcine kuqinisekisiwe ukuthi amacala abebhekene noSteve Lekoelea ahoxisiwe.
Lo mdlali owayedlalela i-Orlando Pirates ubebhekene namacala okukhwabanisa nokutholakala nemoto okusolakala ukuthi yebiwe
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Johannes Motsiri, ukuqinisekisile ukuthi wonke amacala ahoxiswe ngenxa yokushoda kobufakazi.
Funda nalolu daba: 'Angizisoli ngokukhetha iDowsn kuneChiefs'
ISoccerLaduma ikhulume noLekoelea ngemuva kwesikhathi esinzima abhekane naso wathi,” Kukhuluma iqiniso nje angithandi ukukhuluma ngalento.”
“Kungikhathaze kakhulu engidlule kukhona ezinsukwini ezedlule ngenxa nje yezinto ezithile ebezingaqondakali. Ngiyabonga kakhulu kubona bonke ebebengifisela okuhle, kusho lukhulu kumina lokho.”
“Sengiyajabula ngoba lolu daba seluphelile futhi ngeke ngisavela enkantolo,” ephetha.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.