Johannesburg - Umdlali weMamelodi Sundowns, uLebohang ‘Cheeseboy’ Mokoena, usalelwe yizinyanga eziyisithupha kuphela kwinkontileka yakhe kanti angase ajoyine iKaizer Chiefs uma kungukuthi useluleme ngokugcwele.
Ngenyanga edlule kubikwe ukuthi lo mdlali ukanayo inkinga ngokujoyina iqembu laseNaturena futhi unethemba lokuthi uzophinde adlale ngaphansi kukaSteve Komphela.
Ngokusho komthombo, Amakhosi azimisele ngokubamba izingxoxo nalo mdlali ngoJanuwari kodwa kuzoya ngokuthi useluleme yini njengoba iqembu lifuna afike adlaliswe.
Funda nalolu daba: Uyaziqhenya ngabadlali bakhe uTinkler
"Bayamfuna kodwa abanaso isiqiniseko sokuthi weluleme ngokugcwele nokuthi ukulungele yini ukudlala. Sekuphele isikhathi engadlali ngenxa yokulimala,” kusho uumthombo kweSoccerLaduma.
Umthombo uthi odokotela beChiefs yibona abazohlola lo mdlali babheke nokuthi ngabe ukulungele yini ukudlala ngaphambi kokuba leli qembu limsayinise.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.