Johannesburg – Umdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns, uTeko Modise, uthi akayingeni eyokuthi iqembu lakhe liphume ekuseni emqhudelwaneni we-CAF Champions League.
ISundowns isefomini enhle kakhulu ku-PSL, njengoba isidlale imidlalo engu-14 ingashaywa kanti ihamba phambili ngamaphuzu ayisithupha kwabayilandelayo, kubika iKickOff.com.
AmaBrazilians ahlulwa kumzungezo wesibili emncintiswaneni wase-Afrika ngonyaka odlule idlala neTP Mazembe, eyagcina ngokudla umhlanganiso.
OLUNYE UDABA: Kuyiphupho lami ukudlala noYeye - Teko Modise
UModise uthi ngeke kulunge ukuthi kuphindeke okwenzeka ngonyaka odlule.
"Sisebenze kanzima ukufinyelela lapha, kanti safunda isifundo ngokwenzeka sidlala neTP Mazembe, ngakho kuyobe kungubulima ukuthi singadluleli emzuliswaneni olandelayo.
“Ngeke sisebenze kanzima unyaka wonke, bese sidlale ngethuba selifikile.”