Share

Pitso: Angifuni ukubuyela kuBafana

Cape Town – Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, usephumele obala wathi akanazo izinhloso zokubuyela emuva abe ngumqeqeshi weBafana Bafana, njengoba kunemibiko ethi ungomunye wabaqeqeshi abagaqelwe yiSouth Africa Football Association (SAFA) ukuba athathe izintambo eqenjini lesizwe.

UMosimane uyena owayengumqeqeshi weBafana kusukela ngonyaka ka-2010 kuya ku-2012 ngaphambi kokuba akhonjwe indlela ngenxa yemiphumela engemihle.

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-52 ubudala uthi luyamjabulisa uthando kanye nenhlonipho ayithola kumaBrazilians futhi usenikele ikusasa lakhe kulabo mpetha be-CAF Champions League bonyaka ka-2016.

OLUNYE UDABA: Sekuseduze amenyezelwe umqeqeshi omusha weBafana

“Ngijabule kakhulu kuMamelodi Sundowns okwamanje,” kugcizelela uMosimane.

“Ngiyahlonishwa la futhi ngiphethwe kahle. Nginomndeni omuhle la futhi abalandeli bayangithanda.

“Ngaphandle kweSundowns kunabalandeli beChiefs kanye nePirates abangangithandi ngempela kanti iBafana Bafana iyiqembu labo lesizwe.

“Angifisi ngempela ukubuyela emuva. Kuhle ukuhlala la uthandwa khona.

IBafana Bafana ibilokhu ingenaye umqeqeshi kusukela kwaxoshwa uShakes Mashaba ngasekupheleni kukaDisemba.

Ngokwemibiko, iSAFA kulindeleke ukuthi imemezele umqeqeshi omusha kuleli sonto.

Le nhlangano yebhola kuleli isanda kukhipha uhlu lwabaqeqeshi okuzokhethwa kubo umqeqeshi weBafana kanti kulolu hlu akekho noyedwa umqeqeshi wakuleli.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
64% - 418 votes
No! It's time to move on ...
36% - 231 votes
Vote
Rand - Dollar
19.04
+0.9%
Rand - Pound
23.83
+0.5%
Rand - Euro
20.43
+0.6%
Rand - Aus dollar
12.39
+0.7%
Rand - Yen
0.12
+1.0%
Platinum
920.50
+0.9%
Palladium
981.50
-2.3%
Gold
2,330.33
+0.6%
Silver
27.33
+0.6%
Brent-ruolie
88.02
-0.5%
Top 40
68,437
-0.2%
All Share
74,329
-0.3%
Resource 10
62,119
+2.8%
Industrial 25
102,531
-1.4%
Financial 15
15,802
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE