Johannesburg - Umdlali wasemuva we-Orlando Pirates uThabo Matlaba, ukholelwa ukuthi iBhakabhaka lasuke layihlonipha kakhulu iKaizer Chiefs kowomkhaya ngeledlule.
Ekhuluma neSoccer Laduma, lo mdlali uthi iPirates yayigcwele ukwesaba ngesiwombe sokuqala somdlalo.
Funda nalolu daba: Elakuleli lihoxe koweCAF
“Ngicabanga ukuthi kwakuwumdlalo omnandi, kodwa ngicabanga ukuthi sasinokwesaba ngesiwombe sokuqala njengoba ibhola sasilokhu silikhahlela phambili. Kodwa konke lokho kwashintsha ngesiwombe sesibili njengoba sabuya sesiyiqembu elehlukile,” kusho uMatlaba.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.