Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela uthi ahamba kahle amalungiselelo omqhudelwano weCAF Champions League ezoqala ngempelasonto.
IChiefs izobe ibheke ukuthi inhlanhla yabo iqhubeke noma sebeyodlala eComoros Islands neVolcan de Moroni ngeSonto.
Funda nalolu daba: I-Ajax isizodlala koweCAF
Amakhosi asenqobe imidlalo emithathu ilandelana, ashaya amagoli ayisithupha angenalwa amathathu emidlalweni emithathu edlule, kanti uKomphela manje ufuna benze kahle noma sebedlala kowase-Afrika.
“Ngicabanga ukuthi kumele konke kuhambe kahle njengoba sesiwenzile amalungiselelo, siyibheke ngabomvu,” kusho uKomphela.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.