Share

UJonevret uyavuma ukuthi iPirates ibhekene nezinkinga

Johannesburg – Umqeqeshi uKjell Jonevret uyavuma ukuthi kunezinkinga i-Orlando Pirates ebhekene nazo ezenza ukuthi le kilabhu ingabi sezingeni elifanele umlando wayo.

Yize iPirates isahlulwe kanye emidlalweni engu-10 kuyo yonke imiqhudelwano ngaphansi kwesandla sikaJonevret, leli qembu namanje alenzi kahle ku-PSL.

Lokhu kudala ukuthi ashabalale amathemba omlando waleli qembu wokuba yilona kuphela elihlale livala isizini likuTop 8 ku-PSL, kubika iKickOff.com.

Nokho ukufinyela kwePirates kuma-semi-final eNedbank Cup kunikeza ithemba lokuthi leli qembu lingase lithole ithuba lokuphakamisa inkomishi kule sizini.

OLUNYE UDABA: IPirates ifaniswe nenja engenamazinyo

“Ngihlezi ngingumuntu ojabule nobheka okuhle ngazo zonke izikhathi, kepha iqiniso lihle nje ukuthi iPirates ayibalwa namakilabhu amakhulu njengamanje,” kusho uJonevret.

“Ngiyavuma izikwadi zamaqembu e-PSL azifani, kepha nathi kumele sinyuse amasokisi,” esho.

Uthe akalilahlile ithemba njengoba iqembu lisasalelwe yimidlalo eyisithupha okumele liyidlale, wathi kuzomele lisebenzise wonke amathuba eliwatholayo.

“Ngiyajabula ukuthi sifinyelele kuma-semi-final eNedbank, kepha ithemba angililahlile ekutheni sizoqeda kuTop 8. Kuzomele sisebenze kanzima futhi sidlale ibhola eliyingcwenga ukusuka kule ndawo esikuyo,” esho.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 200 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 431 votes
Vote
Rand - Dollar
19.25
-0.5%
Rand - Pound
23.94
-0.5%
Rand - Euro
20.50
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.35
-0.4%
Rand - Yen
0.12
-0.6%
Platinum
947.60
-0.3%
Palladium
1,022.00
-0.7%
Gold
2,381.98
+0.1%
Silver
28.29
+0.2%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
66,617
-0.9%
All Share
72,665
-0.8%
Resource 10
62,846
-0.7%
Industrial 25
97,603
-0.8%
Financial 15
15,345
-0.9%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE