Johannesburg - Umdlali omusha weSuperSport United uMark Mayambela unethemba lokuthi uStuart Baxter uzomsiza afezekise iphupho lokudlalela iBafana Bafana.
Lo mdlali nalo mqeqeshi bazosebenzisana okokuqala ngqa njengoba bobabili bejoyine aMatsatsantsa ngenyanga edlule.
Funda nalolu daba: Owayedlalela iBucs ujoyine elidlala ku-ABC Motsepe League
“Liyangijabulisa ithuba engilinikezwe yiqembu,” kusho lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala etshela iKickOff.com.
“Ngiyakholelwa ukuthi ngijoyine iqembu ngesikhathi esifanele futhi bazongisiza ngidlale kangcono ukusuka manje. ISuperSport iyiqembu eliphezulu elinabadlali abasezingeni futhi ukujoyina leli qembu kuzongisiza ngidlale kangcono.”
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.