Share

UMotsepe uthi bazohlukaniselana u-R20m abadlali be-Sundowns

Cape Town – UMengameli weMamelodi Sundowns, uPatrice Motsepe, usedalule ukuthi isamba semali engu-R20 million etholwe yileli qembu ngokunqoba isicoco seCAF Champions League, izohlukaniselwa abadlali.

AmaBrazilians anqobe lesi sicoco esikhulukazi samakilabhu e-Afrika ngokushaya izinkuzi zase-Egypt, iZamalek, ngo-3-1 ngokomphumela womlenze wokuqala nowesibili, ngeSonto.

Manje iSundowns isijoyine i-Orlando Pirates ngokuba yiwo womabili la maqembu aseNingizimu Afrika asenqobe lesi sicoco njengoba iPirates yenza okufanayo ngonyaka ka-1995.

OLUNYE UDABA: I-Sundowns ethubeni lokuthola u-R22m

Kodwa-ke uMotsepe, okuyisiqumama saseNingizimu Afrika esinomcebo olinganiselwa kwizigidigidi zamarandi esathenga le kilabhu ngonyaka ka-2004, uthi kuzoba kubadlali beqembu ukuthi bazihlukanisela kanjani le mali.

Ngaphezu kwalokho, lo somabhizinisi oneminyaka engu-54 ubudala ucele labo abazohlomula ukuba batshale imali yabo ngobuhlakani.

“Wonke u-$1.5 million (olInganiselwa ku-R20 million), owabo wonke. Sekumele manje bahlale phansi bese beqala ukucabanga ngokuthi bazoyihlukaniselana kanjani leyo mali,” uMotsepe utshele iTimes Live.

“Ngithe nje kubona, “Bafwethu, ningayimoshi imali manje. Thathani enye yaleyo mali bese niyayitshala.” 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
48% - 1024 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
52% - 1088 votes
Vote
Rand - Dollar
19.21
-0.5%
Rand - Pound
23.95
-0.7%
Rand - Euro
20.56
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.48
-0.7%
Rand - Yen
0.12
-0.2%
Platinum
912.40
-0.8%
Palladium
1,005.00
-2.1%
Gold
2,314.58
-0.3%
Silver
27.17
-0.5%
Brent-ruolie
88.42
+1.6%
Top 40
68,574
+0.8%
All Share
74,514
+0.7%
Resource 10
60,444
+1.4%
Industrial 25
104,013
+1.2%
Financial 15
15,837
-0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE