Johannesburg - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane ubambe umoya ngomdlali wasesisiwini uKeagan Dolly ukuba abuye engalimele eqenjini lesizwe lika-CAF U-23 eliyodlala kowe-Africa Cup of Nations.
Iqembu lesiziwe kulindeleke lilubangise eDakar namhlanje nokuyilapho lizobhekana khona neSenegal emdlalweni wokuqala ngoMgqibelo.
Amaqembu amathathu aqede ephezulu kulo mqhudelwano azozitholela indawo emidlalweni yama-Olympic azobe ese-Rio ngo-2016.
Funda nalolu daba: 'Bengingakulindele ukwesula kukaClinton'
"Kunzima kodwa kumele seseke iqembu lesizwe,” kusho uMosimane, iqembu lakhe elizobhekana neKaizer Chiefs kowamanqamu eTelkom Knockout ngoDisemba 16.
"Kumele ahambe futhi kumele asize iqembu lifinyelele kuma-Olympic. Ngingathanda ukumbona edlala kuma-Olympic Games."
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.