Johannesburg - Umqeqeshi weqembu lesizwe labangaphansi kweminyaka engu-23 ubudala, u-Owen Da Gama, uthi uyasihlonipha isicelo se-Orlando Pirates sokugcina uMenzi Masuku noGift Motupa, wathi iqembu lakhe lizozilungiselela ngaphandle kwabo.
Laba badlali beBhakabhaka ngeke babeyingxenye yomdlalo wokuqala weNingizimu Afrika emqhudelwaneni wamazwe angu-8 ase-Afrika elizowudlala neSenegal ngoMgqibelo njengoba bezilingiselela owamanqamu eCAF Confederations Cup.
Funda nalolu daba: 'IPirates idele okuningi ukuze ifinyelele lapha'
“I-Orlando Pirates isethubeni lokuqopha umlando futhi sikuqonda kahle lokho – kuwumlando wePirates nowezwe,” kusho uDa Gama
UGama ufisele iBhakabhaka okuhle kodwa ngaphambi kwalo mdlalo, wathi unethemba lokuthi bazowenza umsebenzi eTunisia.
UMotupa noMasuka kulindeleke bajoyine iqembu lesizwe emdlalweni wesibili elizowudlala neZambia ngoLwesibili oluzayo, kubika iKickOff.com.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.