Johannesburg - Umqeqeshi webhola lezinyawo wakuleli usolwa ngokudubula unkosikazi wakhe nezingane zabo ezimbi, wase eyazidubula naye kodwa wangashona.
Le ndoda, okukholakala ukuthi iseminyakeni eko-30 yobudala, isindile kulesi sigameko kanti kuthiwa ibangwa nezibi esibhedlela, kubika iSowetan.
Kuthiwa le ndoda inguqeqesha weBirmingham City yase-East London.
OLUNYE UDABA: Umlisa 'ubulale' umkakhe besetekisini
Okhulumela amaphoyisa ase-East London uLieutenant-Colonel Mtati Tana uthe imbangela yalesi sigameko ayaziwa okwamanje.
"Ngeke siqagele ngembangela, kepha singaqinisekisa ukuthi kudutshulwe owesifazane nezingane ezimbili, owesilisa wase eyazidubula," kusho uTana.
Lesi sigameko kuthiwa senzeke eDuncan Village, eToilet City, ngabo-07:00 ngoLwesibili, izingane zilungiselela ukuya esikoleni.