Johannesburg - Umqeqeshi weThanda Royal Zulu, uRoger Sikhakhane, usebenza ngaphandle kwenkontileka eqenjini eliqhwakele esicongweni seligi ku-National First Division.
Lo mqeqeshi owayelolonga iChippa United uthathe izintambo kwiThanda Royal Zulu ngoFebhuwari ngesizini edlule kulandela ukushiya kukaDavid Bright.
"Yebo, kuyiqiniso ukuthi uRoger usebenza ngaphandle kwenkontileka,” kusho imenenja kaSikhakhane u-Abbie Rasimphi kwiKickOff.com.
OLUNYE UDABA: Sizokhishwa ngesonto elizayo isinqumo ngoMashaba
"Kade sasizama ukuyilungisa indaba yayo kodwa sinethemba lokuthi ngoJanuwari sizokwazi ukuthi umi kuphi neqembu.”
IThanda ayikahlulwa kule sizini kanti inamaphuzu angu-29 emidlalweni engu-13.