Johannesburg – Isiqongqwane somdlali weMamelodi Sundowns, uKhama Billiat, kubikwa ukuthi usinde emlonyeni wengwenya izigebengu zimkhiphela inhlokohlela yesibhamu kubanjwa inkunzi.
Kuthiwa lesi sigameko senzeke ezintatha ngoLwesibili egalagi lakwa-Engen eliseKyalami.
UBilliat kuthiwa ubengomunye wamakhasimende amathathu kulesi sitolo esisegalaji ngesikhathi kugasela amadoda amane abehlome ngama-AK-47, kusho umbiko weSunday World.
Lo mdlali odabuka eZimbabwe uthi ubethenga ikhadi likagesi ngesikhathi ehlangabezana nalo mshophi.
OLUNYE UDABA: Ukhonjwe ngesibhamu wabanjwa inkunzi uBenni McCarthy
Akalimalanga kulesi sigameko ngemuva kokuthi izigebengu zikwazile ukukhipha ngendluzula imali ku-ATM.
“Siyajabula kakhulu ukuthi umdlali wethu akalimalanga kulesi sigameko,” kusho okhulumela iSundowns uThulani Thuswa.
“Ngike ngakhuluma naye, ujabule kakhulu ukuthi akazange athole ukulimala kulesi sigameko. Le nto yenzeke eyothela uphethiloli, athenge ikhadi likagesi nezinye izinto ezincane.”