Pretoria - Umdlali weMamelodi Sundowns uKhama Billiat usefomini kulezi zinzuku, kodwa noma kunjalo uthi asangenza kangcono kakhulu kunalokhu.
Lo mdlali waseZimbabwe ungomunye wabadlali ababeke iqembu leSundonws kule ndawo elikuyona njengamanje kwiligi.
Kodwa ngaphambi kokuba iSundowns idlale koweCAF Champions League neChicken Inn, lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala uzwakalise ukuthi angakwazi ukubeka ukukhuphulela izingane lomdlalo wakhe ezingeni eliphezulu kunalokhu.
Funda nalolu daba: Siyifunde kahle iChicken Inn - Mosimane
“Lihlale likhona ithuba lokwenza kangcono ngoba uma ngibuka idlela engidlala ngayo ngisawabona amaphutha engiwenzayo,” kusho uBilliat.
“Ngiyabona lapho ngingenza kangcono khona ukuze ngisize iqembu kakhulu kunalokhu.”
“Ngihlala ngifuna ukufunda. Angifuni ukuyeka ukufunda.”
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.