Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Eric Tinkler ufuna ezakhe zidlale njengoba zadlala kwi-Soweto derby uma sezibhekene namaTuks emdlalweni wakusasa (ngoMgqibelo).
IBhakabhaka ladlala kahle kakhulu kwisiwombe sesibili ngesikhathi lidlala nomkhaya iKaizer Chiefs emdlalweni owaphepla ngelilodwa ngapha nangapha, laphinde lashaya oshampeni beMTN8 i-Ajax Cape Town ngo 2-1 ngoLwesithathu.
OLUNYE UDABA: Ubonge abalandeli neqembu lonke obedlale iPirates
Nakuba kunjalo uTinkler ukhathazekile ngokuthi ezakhe zingazisonsi inyawo uma sezidlala neUnivesity of Pretoria.
"Kulula ukukhuthaza abadlali uma bezodlala neChiefs kodwa kunzima ukubbakhuthaza ngokudlala namaTuks," kusho uTinkler, kubika iKickOff.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho