Cape Town – Umdlali wasemuva weMamelodi Sundowns, uWayne Arendse, uzophuthwa yingxenye ebalulekile yokusongwa kweligi yakuleli ngenxa yokulimala edolweni.
Lesi sitobha esidlala maphakathi salimala edolweni ngesikhathi leli qembu litholene phezulu neKampala City Council emdlalweni womlenze wesibili naleli qembu lase-Uganda ngeSonto eledlule.
Kubikwa ukuthi uzobe engadlali isikhathi esiphakathi kwamasonto angu-6 kuya kwangu-8 nokuzomphuthisela ngenqwaba yemidlalo yePremiership yokugoqa isizini.
OLUNYE UDABA: UMokotjo uphawula ngobudlelwane bakhe noShakes Mashaba
Lo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala uyavuma ukuthi lokhu kulimala kumbuyisela emuva kakhulu, kodwa uzimisele ukusebenza kanzima ukuze abhekane nalokhu kulimala ngokushesha.
“Lokhu ngempela akusikho ebengikufuna njengamanje,” utshele iKickOff.
“Bengizizwa ngisemgqigqweni omkhulu futhi bengifuna ngempela ukulokhu ngidlala. Kodwa ukulimala kwenzeka kubadlali abaphezulu futhi kuzomele ngikuthathe nohambo lwami.
“Kwesinye isikhathi ukulimala kubukeka kukukhulu kakhulu kunalokho okuyikhona ngempela futhi ngithemba ukuthi kuzoba njalo kulokhu. Kusazodingeka ukuthi ngisebenze kanzima ngaphandle kwenkundla ukuze ngibuye ngokushesha.”
U-Arendse uphinde wadalula nokuthi usanda kusayina inkontileka yeminyaka emibili namaBrazilians, nesangabuye ivuselelwe ngomunye unyaka.