"Imali asinayo, asinawo amahloni okukuveza lokho. Kuzosetshenziswa izimali zabadla izambane likapondo ukuguqula impilo yabahlwempu, ayikho futhi enye indlela," kusho uMpofu.
Usho kanjena ekhuluma esithangamini sabezindaba ebesihlelwe yiqembu ngenhloso yokubeka obala izinhloso iqembu eliqhamuke nazo, njengoba sekuphele izinsuku ezingu-100 lasungulwa.
UMpofu uthi ukuphuculwa kwezimpilo zabantu kuzokwenzeka ngokuthi kuthathwe intela enkulu kulabo abanemali.
Ube eseqhathanisa izinga lempilo yalaba abahlala eSandton nabahlala elokishini elingumakhelwane i-Alexandra.
"Kubanga amahloni ukuthi kungaba khona abantu abahlala eSandton kuthi khona la eceleni kube khoba abantu abahlala eStjwetla, e-Alexandra."
Uthe kumele uhulumeni athathe intela yabantu baseSandton, kusizwe ngayo abantu baseStjwetla.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.