Share

I-ANCYL iyaziqhathulula ngolukaMasina

Johannesburg - I-ANC Youth League isiziqhelelanisile ngokuphawula okwenziwe yilowo oyiNational Convenor uMzwandile Masina akwenze enkundleni yokwabelana ngezithombe i-Instagram.

UMasina ufake isithombe salowo owayenguNgqongqoshe wezobuNhloli uRonnie Kasrils nowayeyisekela lowezeMpilo uNozizwe Madlala-Routledge siphelezelwa ngumbhalo obagxekayo ngokukhankasela ukuthi abantu bone amavoti abo.

Lo mbhalo ubufundeka kanje: "I-ANC yanikeza laba bobabili ithuba lokuthi baziwe. Bazonela bona. Esinye iseqamgwaqo saxoshwa nguMengameli Thabo Mbeki kwathi esinye sasula ngemuva kokukhishwa esikhundleni kukaMbeki.

"Manje sebenza noma yini ukuze baphinde bavele kumabonakude ngokuthi baggqugquzele abantu ukuthi bangayivoteli i-ANC. Abantu bafela lo mzabalazo nenkululeko abakudelelayo."

I-ANCYL ixwayise amalungu kanye nabaholi bayo ukuthi baqaphele indlela ababhala ngayo ezinkundleni zokuxhumana akukhathaleki noma bebhala emakhasini aqondene nabo ngqo.

"Njengamalungu e-ANC Youth League, sibahlonipha kakhulu abantu abadala futhi siyabanika indawo yabo," kusho okhulumela lolu phiko uBandile Masuku esitatimendeni.

UKasrils noMadlala-Routledge bacele abantu bakuleli ukuthi bazwakalise ilaka labo ngenkohlakalo nokukhwabanisa ngokuthi bone amavoti abo.


  - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
42% - 262 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
58% - 368 votes
Vote
Rand - Dollar
18.98
-0.4%
Rand - Pound
24.00
-0.4%
Rand - Euro
20.51
-0.2%
Rand - Aus dollar
12.35
+0.0%
Rand - Yen
0.13
-0.4%
Platinum
903.65
+0.8%
Palladium
1,016.75
+1.5%
Gold
2,207.48
+0.6%
Silver
24.59
-0.2%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,260
+0.9%
All Share
74,450
+0.7%
Resource 10
57,117
+2.6%
Industrial 25
103,835
+0.6%
Financial 15
16,488
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE