"Asisimisanga ekutheni sisakazwe, sasinqaba besasiletha. Kunomehluko lapho," kuchaza umkhulumeli we-SABC, uKaiser Kganyago.
"Basiletha sase sisibheka, sathola ukuthi angeke sakwazi ukusiyisa emoyeni."
Ezintweni eziningi abazishoyo, isiqubulo sabo sithi "akucekelwe phansi ama-etolls", lokho kungadala udlambedlu, kuchaza uKganyago.
Abe-SABC babhalela i-EFF incwadi, bechaza isinqumo sabo, bacela ukuthi iqembu lizame ukukhipha okunye okusesikhangisini, nokho iqembu langakwenza lokho.
Umholi weqembu uJulius Malema, uthi kumele abantu banikwe ithuba lokuzinqumela ngokwabo iqembu abazolivotela, kungabi wu-SABC omisa izikhangisi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.