"Ngemuva kokuhlangana nazo zonke izinhlaka, i-Icasa inqume ukuthi udaba ludluliselwe kwabe-CCC, kusho isitatimende.
"Sithanda ukukubeka obala ukuthi silandele yonke imigudu nemigomo, siphendule ingakadluli imizuzu engu-48, sanquma ukudlulisa udaba kwabe-CCC.”
Abe-CCC bazolalela izimvo zomphakathi esithangamini esizoqala ngo-18:00 ngoLwesibili, khona namhlanje, ekomkhulu le-Icasa, eSandton.
I-DA yafaka isikhalazo ngokumiswa kwesikhangisi seqembu sokhetho, esiqanjwe kwathiwa yi-Ayisafani.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).