Johannemsburg - Izakhamuzi kuthiwa zihahameze uMengameli Jacob Zuma eMalamulele, eLimpopo, ngesikhathi ezitshela ukuthi izikhalazo zazo zizosukunyelwa, kusho umbiko wakamuva.
UZuma ubekhuluma nabantu abebegcwele phama eMalamulele Stadium njengengxenye yomkhankaso wokhetho we-African National Congress.
Kuthiwa izakhamuzi zibe sezitshengisa ukuthi zifuna izikhulu ziphume ziphele kule ndawo njengoba ezinye izimoto zazo zize zashaywa ngamatshe emgwaqeni oseduzane.
UZuma uthembise izakhamuzi ukuthi izoxazululwa eyokuthi zifuna umasipala wazo zodwa.
"Kubalulekile ukuthi lolu daba luphothulwe ngesikhathi esifanele. Njengoba umengameli esazi ngalolu daba, kumele lusukunyelwe," kucashunwa uZuma esho.
Iphephandaba iCity Press ibike ukuthi yize umengameli enze izethembiso kube zinhlanga zimuka nomoya njengoba izakhamuzi zivele zaphakamisa izandla zenza uphawu lokumphebeza.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter