"Asikhulekeleni ukhetho olunokuthula noluzoqhubeka ngaphandle kwezihibe ngoMeyi 7, nokuyilungelo abaningi abalilwela ngezimpilo zabo,” esho etshela izinkulungwane zabazalwane abebehlangene e-Ellis Park Stadium enkonzweni kaGudi.
Uthe engena esiteji kwakhona abacula umshini wami, nokuyiculo elimataniswa noZuma.
Ubephelezelwa nguNdunankulu waseGauteng uNomvula Mokonyane noSihlalo we-African National Congress esifundazweni uPaul Mashatile.
UZuma uthe sekubukeka kuyinto eyiphupho nje ukuthi kunabaholi abafana noNelson Mandela, Walter Sisulu, Oliver Tambo nabanye, ababengenalo ilungelo lokuvota.
"Kumele sibakhumbule ngokuthi siphume ngobuningi bethu siyovota ngoMeyi 7, sisebenzise ilungelo elalwelwa kanzima ukuba sikhethe uhulumeni wethu esimthandayo, i-ANC.”
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho