Share

Kuzophenywa ngesikhalazo se-Agang SA

Johannesburg - Iqembu i-Agang SA lifake isimangalo ngezinsolo zokuthi i-African National Congress yasebenzisa imali yoMbuso ngesikhathi inikeza abantu ukudla, iqhuba umkhankaso wayo eWestern Cape.

I-Agang ifuna kuphenywe nangezinsolo ezithi i-ANC yasebenzisa imibala yeqembu ezikhangisweni zikahulumeni wesifundazwe saseGauteng.

UMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela usethole izimangalo ezintathu ezifakelwe i-ANC, kusho umbiko.

"UMadonsela uthole izimangalo ezintathu, esisodwa esifakwe yiDemocratic Alliance kanti ezimbili zifakwe yi-Agang SA," kusho umkhulumeli kaMadonsela u-Oupa Segalwe.

Isimangalo se-DA sihlobene nokhetho lokuchibiyela olwaba seTlokwe, ngonyaka owedlule. I-DA isola ukuthi i-ANC yanikeza abantu amaphasela okudla ngaphambi kokhetho lokuchibiyela.

Iphephandaba iSunday Times, labika lathi i-DA ifuna ukufaka i-ANC nabeSA Social Security Agency (Sassa) enkantolo, ngezinsolo zokuthi banikeza abantu amaphasela okudla emaralini e-ANC.

Kuzophenywa ngazo zonke lezi zehlakalo.





Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).






We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 443 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 453 votes
Vote
Rand - Dollar
19.13
+0.4%
Rand - Pound
23.80
-0.4%
Rand - Euro
20.45
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.39
-0.1%
Rand - Yen
0.12
+0.3%
Platinum
923.60
-0.8%
Palladium
1,029.00
+1.3%
Gold
2,323.40
-0.2%
Silver
27.25
+0.3%
Brent Crude
87.00
-0.3%
Top 40
68,051
+0.8%
All Share
74,011
+0.6%
Resource 10
59,613
-2.2%
Industrial 25
102,806
+1.7%
Financial 15
15,897
+1.8%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE