UMotshekga uthi banesifiso sokwenyusa isibalo sabavoti eWestern Cape, kusho umbiko wabezindaba zephephandaba iThe Star.
"Akukho ukungabaza okukhona ekutheni singanqoba ezifundazweni ezingu-8, esivele siphethe kuzo," kucashunwa uMotshekga ekhuluma emkhankasweni ePolokwane.
"Silwela isifundazwe saseWestern Cape, nakhona akhona amathemba okuthi zizokhula izibalo zamavoti ethu. Kwezinye izifundazwe amaqembu angaqhubeka nokuphupha kodwa sizonqoba."
UMotshekga uphinda abe nguNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo emazingeni ayisiSekelo.
"Yini engadala ukuthi abantu bangasivoteli sibe siqhuba umsebenzi ngendlela? Sesikwaze ukuthumela izincwadi ezingaphezu kuka-6 million ezikoleni. Kushoda kuphela ezingu-138 000, nalapho singachaza ukuthi kwenzekeni," ezikhulumela.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).